Wednesday, August 3, 2011

NGEKE... NGITHI NGEKE!

Ngiphaphame sengathi kuyasa
Yebo, kumnyama uma kuzokusa
Kodwa lokhu sengathi kwedlulele
Kodwa lokhu kuya njalo kuqina.
Ngithi ngeke, akunjena uma kuzokusa.

Ngithe ngingabon' ukuth' akusi,
Ngasho qede ngawuhlaba ngawulawula.
Ngisho ngengila qede kwavela mveli-ivelayo.
Ngumdondoshiya wensizwa,
Isho ngesikhumb' esikhany' igazi.
Ngabuza, "Ungubani wena na?"
Waphendula, "Ngingukukhany' okukhulu,
Mina ngimel' ilang' okumele liphume."

Ngajabula ngob' okuningi ngakubona.
Ngazitshela ukuthi sengiyazi.
Ukwazi kwaba ukuzitshela.
Ukuzitshela kwaba ukwazi.
Ngisho phela ukwazi kokungazi.
Lokho ngikusho ngoba akusasi.
Noma ungathini, ngithi ngeke.

Kudum' izulu kwaxeg' amadolo.
Amadoda ahanjiswa izisu.
Ngikhuluma nje akukasi,
Baphelil' abant' ukukhany' okungakhanyi.
Duklu! Bhibi! Mihli! Dikli!
Nguban' onecala, ophil' uthathile.
Ngithi kuhle yini uma kungasi?
Uthul' esilususayo luvimb' ilanga.
Ilanga lingaphuma yini uma silixosha?
Cha, phinde mina ngithi angeke.

Ubusuku bumelwe ukuxoshwa ilanga.
Ngelinjani leli langa eliluvindi na?
Ngenxa yobusuku sengingubhova.
Ngish' ubhova oboshwe ngeketango.
Yisho phela, ingani angivumi,
Angivumi ukuboshwa qede nginikw' izinsalela.
Ithi ingaba nkul' ingazekeki.
Ithi ingadl' ithambo yejwayele.
Ngiyaphinda ngithi lutho olubaziwe.

Kangiyen' udoli wezidwedwe.
Ngakho ngingevum' ukugidiswa.
Ukusiniswa yinto yokugcin' engenzeka.
Ngakho ngithi mkhuzeni,
Mkhuzen' akhuzeke bo!
Elakh' ibala alimel' ukukhanya,
Nelami ngokunjalo alimel' ubunyama.
Mina naye siyafana,
Ngakho makangangenzi isilima.
Mina naye simuntu munye,
Mina naye singabaka Mvelinqangi.
Uma eqhuba ngale ndlela,
Ngithi ngeke, isiminingi le minyaka.