Kangazi...
UNkulunkulu osemafin'
Owaziyo.
Ngingahamba ngizishay'-
Isifuba, keph' okuyimi
Akukho.
Ngithe ngikhula,
Bangibabaz' ukukhula,
Ukukhula okungasho lutho,
Keph' usizi nokuhlupheka.
Okuyimina kakukho,
Nginikw' ithub'-
Eliyivelakacane... lokuphila,
Kepha ngifana nongekho.
Noma ngabe ngenzani,
Kuphelel' eboyeni okwesithukuthuku
Senja.
Kwenza ngingazi
Nqindi nasibhakela.
Abantu bangitshel'
Ukuthi nginokuzazisa
Kobumina, ubumina
Lob' obungekho... nguNkulunkulu
Yedw' owaziyo.
Ayikh' int' eyimina
Ngifile ngiphila
Ngiyafana nongakaz'-
Azalwe.
Lokho kufakazelw'-
Imizam' ephelel'-
Eboyen' okwesithukuthuku
Senja, imizam'-
Eshabalalis' okwamazol'
Ebon' ilanga...
www.mshanduenterprise.co.za
No comments:
Post a Comment